Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 90:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 90:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami.


“Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.


Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.”


Mabeme phambi kukaJehova njalo, kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba noma ugeza ngesoda,* uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”


uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.


uma aziswa isono sakhe one ngaso, woletha umnikelo wakhe wembuzi, insikazi engenasici, ngesono sakhe one ngaso.


ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ