Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 89:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe uJehova na? noma ekuthembekeni kwakho okuzungezile?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 89:8
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.


Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.


Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.


Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”


Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?


Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?


Ngalokho ningadeleli, funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawoti ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.


Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ