Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 88:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ubasusile kude nami abangazi bami; Ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngikhiyiwe angikwazi ukuphuma.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 88:8
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.


Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.


Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.


Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.


Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.


Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami, ngazingcolisa zonke izambatho zami.


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ