Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 80:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, kuyoze kube nini uyithukuthelele imikhuleko yabantu bakho na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthukuthelela umkhuleko wabantu bakho na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 80:4
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ngiyakubiza; mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo.


Ubeke injabulo enhliziyweni yami edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.


Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*


Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.


Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?


Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?


Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Wazembesa ifu, ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.


uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ