Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 80:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ingulube yasehlathini iyawudla, nezilwane zasendle ziyawuqothula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Usudliwa yingulube yehlathi, uqothulwa yizilwane zasendle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izingulube zehlathi ziyawudla, nezilwane zasendle ziyawudla zawuqeda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 80:13
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.


Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi – amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi – ahamba ngendlela yase-Araba.


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu, amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ