Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 79:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho; usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yegama lakho, usisindise, uhlanze izono zethu ngenxa yegama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 79:9
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.


Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.


Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.


“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.


Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngisebenza kini ngokwegama lami kungengokwezindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezonakeleyo nina ndlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ