Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 78:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye, bengathembekile esivumelwaneni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

37 Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye, bengathembekile esivumelwanei sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Ngoba inhliziyo yabo yayingaqondile kuye, futhi babengaqini esivumelwaneni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 78:37
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.


Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.


Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.


Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


“ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ