Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 74:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khumbula ukuthi isitha sithukile, Jehova, nokuthi abantu abayiziwula balihlambalazile igama lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 74:18
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.’ ”


Bakhuluma ngoNkulunkulu waseJerusalema njengangawonkulunkulu babantu bomhlaba abangumsebenzi wezandla zabantu.


Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Ngisindise kuzo iziphambeko zami, ungangenzi isithuko sesiwula.


Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.


Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile.


uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’


UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ