Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 74:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 NguWena owehlukanisa ulwandle ngamandla akho, waphohloza amakhanda ezilo zasemanzini ezesabekayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho; amakhanda ezimpungushe wena uwaphule emanzini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 74:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.


Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.


Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.


Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ