Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 72:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 72:19
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: “Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.


AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.


Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.


Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


yebo, umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, makenze njalo uJehova, awaqinise amazwi akho owaprofethayo, kubuyiswe izitsha zendlu kaJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,


Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho.” “ ‘Owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”


mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi Jesu!


Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: “Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ