AmaHubo 72:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE17 Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202017 Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202417 Igama lakhe liyakuma kuze kube phakade; igama lakhe liyohlala kuze kube nini nanini ilanga, futhi abantu bayobusiswa kuye; izizwe zonke ziyakuthi ubusisiwe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.