Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 71:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ungangilahli esikhathini sokuguga; ungangishiyi lapho amandla ami ephela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 71:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na?


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ