Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 65:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngezinto ezesabekayo ekulungeni uyakusiphendula, Nkulunkulu wensindiso yethu; eyithemba layo yonke imikhawulo yomhlaba neyabakude nolwandle;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 65:5
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.


Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


Hlahlameleka ebukhosini bakho, uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.


Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Ukulunga kwami kuseduze, insindiso yami iphumile, izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami.


Khona uyakubona, ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe, nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.


“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.


UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


“ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakukuthatha, Zerubabele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli,’ usho uJehova, ‘ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile,’ usho uJehova Sebawoti.”


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ