Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 63:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umphefumulo wami ulangazelela wena, isandla sakho sokunene siyangisekela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 63:8
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.


Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.


Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.


Mina uyangimisa ebuqothweni bami; uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.


Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.


Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.


Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.


Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona.


Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga.


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.


engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ