Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 63:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila, izindebe zomlomo wami zizokudumisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba umusa wakho ungcono kunokuphila, izindebe zami zizakudumisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 63:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?


Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.


Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.


Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.


Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.


Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.


Wayesethi: “Ake ngibone inkazimulo yakho.”


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa.


Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.


Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;


Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ