Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 60:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 60:7
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”


Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.


UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.


Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”


nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.


Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.


UDavide wathi ku-Akhishi: “Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.” U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ