Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 57:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu, inkazimulo ibe phezu komhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Phakama, Nkulunkulu phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Phakamisa wena Nkulunkulu phezu kwamazulu; inkazimulo yakho mayibe phezu komhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 57:5
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu.


Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.


Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.


Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe.


ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.


Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.


Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.


Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.


Niyakusho ngalolo suku ukuthi: “Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.


Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.


Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu. Sela* Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.


kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ