Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 57:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMikitamu kaDavide, ekubalekeni kwakhe uSawule emhumeni. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngihawukele, ngokuba umphefumulo wami wethemba wena, yebo, emthunzini wesandla sakho. Amaphiko ngizophephela kuze kuphele lezi zinhlekelele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 57:1
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.


Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;


Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.


Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na?


Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;


Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*


Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.


Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze; balanda izimangaliso zakho.


Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.


Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke nohlezi emthunzini kaSomandla


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


ngokuba uthi: Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.


Ngokuba kusezakuba yisikhashana nje kuze kuphele ukufutheka kwami, intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”


Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


UDavide wayesesuka khona, wabaleka, waya emhumeni wase-Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.


Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


Naye uDavide wasuka ngasemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ