Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 55:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu, lalela umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti, iMaskili, ihubo likaDavide. Yizwa umkhuleko wami, Nkulunkulu; futhi ungazifihli ekunxuseni kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 55:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.


Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.


Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.


Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami.


Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela*


Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami.


Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.


Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ