Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 52:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngiyethemba umusa kaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 52:8
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.


Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;


UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”


UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.


Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ