Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 51:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yenzani okuhle kulo iSiyoni; yakha izingange zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 51:18
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”


Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe;


UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.


Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:


Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni, akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.


Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.


Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Nina eniphunyukile enkembeni hambani, ningemi; khumbulani uJehova nisekude, iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?


Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu, agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ