Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 51:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owephukileyo. Nkulunkulu, awuyukuyidelela inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Imihlatshelo kaNkulunkulu ingumoya ophukile; inhliziyo eyaphukileyo nephukile, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 51:17
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.


Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.


UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.


Amasumpa alo namagatsha alo ayekunye nalo; konke okwalo kwakungumsebenzi munye okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


“Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu, angenameli imihlangano yenu.


“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ