Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 50:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Yizwani bantu bami, ngiyakukhuluma; O Israyeli, futhi ngizofakaza ngokumelene nawe: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 50:7
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo, bathi: “UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu.”


Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”


UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.


Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,


“Zwanini, bantu bami, ngizakufakaza kini ukuthi: O Israyeli, sengathi ungangilalela!


Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.


“Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova, “ngiphikisane nabantwana babantwana benu.


uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Ngathi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ