Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 50:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 “Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Buthelani kimi abangcwele bami; labo abenza isivumelwano Nami ngemihlatshelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 50:5
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.


Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.


egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.


Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami, yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.


Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ