Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 50:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 50:23
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Nina enesaba uJehova, mbongeni; nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni, nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.


Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.


Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.


Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.


Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade.


Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.


Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.’


“Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.


abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho;”


Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.


kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ