Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 44:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora, iMasigili. Sizwile ngezindlebe zethu, Nkulunkulu, ukuthi obaba basitshela umsebenzi owawenza emihleni yabo, emihleni yasendulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 44:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayakuza bashumayele ukulunga kwayo kuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.


Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.


Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane.


“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’


UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ