Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 37:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Omubi uyoboleka angakubuyiseli, kodwa olungileyo unesisa, uyaphana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Omubi uyaboleka angabuyiseli, kepha olungileyo uhawukela, uyapha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 37:21
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.


Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.


Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.


Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.


“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.


Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ