Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 37:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Inkemba yabo iyongena kweyabo inhliziyo, neminsalo yabo yaphulwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 37:15
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.


Kuyakuthi ngalolo suku ngaphule umnsalo ka-Israyeli esigodini saseJizreyeli.”


ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa, neminsalo yawo iyaphulwa, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo, uyakhokha nokukhokha.


Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.


Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.


“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla.


Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.


Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.


Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ