Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 37:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ababi bahosha inkemba bahosha umnsalo ukuze bawise phansi abampofu nabampofu, babulale abahamba ngobuqotho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 37:14
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.


Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.


Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”


Abantu begazi bayazonda opheleleyo, kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.


Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso komubi.


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


UPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.”


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ