Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 32:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 32:8
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova, ngabonga uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.


UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.


Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.


Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.


Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ