Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 32:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke eniqotho ngenhliziyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 32:11
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo.


Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe.


Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.


Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.


Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.


Kepha abalungileyo bayajabula; bayethaba phambi kukaNkulunkulu bethokoza nokuthokoza.


Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.


UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.


Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.


Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa, nihlabelele ngenjabulo, nihube.


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.


Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ