Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 31:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khothamelani kimi; ngisindise masinyane; ube yidwala lami eliqinile, indlu yenqaba yokungisindisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 31:2
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”


Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.


Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.


Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.


Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.


ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.


Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.


Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.


Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


ngokuba uthi: Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.


Kepha uJehova waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.


Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.


yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.


Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?”


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.


UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ