Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 31:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yeka ubukhulu bobuhle bakho obubekele abakwesabayo; lokho okwenzile kulabo abathembela Kuwe phambi kwabantwana babantu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 31:19
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”


Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.


Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”


Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.


Jehova, uyakusimisela ukuthula; ngokuba nayo yonke imisebenzi yethu senzelwe yona nguwe.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona.


Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ