Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 31:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izindebe zamanga mazithuliswe; abakhuluma ngokuzidla nangokudelela abalungileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 31:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izinceku zakhe zazikhuluma nokunye okuphambene noJehova uNkulunkulu nenceku yakhe uHezekiya.


UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.


Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze.


Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.


Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.


Bayampompoza, bakhuluma amagangangozi; bayazidla bonke abenza okubi.


Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.


Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”


Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,


ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ