Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 31:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 31:13
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.


Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.


Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo; okubi nokushinga kuphakathi kwawo.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.


“Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke; akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo. Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.”


Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;


Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”


USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.


UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ