Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 30:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Hlabelelani kuJehova nina bangcwele bakhe, nidumise inkazimulo yobungcwele bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 30:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:


Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.


Abapristi bakho mabembeswe ukulunga, abangcwele bakho bethabe.”


Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!


Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.


Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.


“Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.”


“UJehova uyabulala, abesephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ