Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 30:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo nehubo ekungcwelisweni kwendlu kaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova; ngokuba ungiphakamisile, awuvumelanga izitha zami ukuba zijabule ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 30:1
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.


UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”


USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova, izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.


Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe.


ukuze isitha sami singasho ukuthi: “Ngimahlulile,” funa abamelene nami bethabe lapha ngintengayo.


Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo, funa baziphakamise. Sela*


Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe, ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.


Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu; mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.


Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.


Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.


Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.


Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.


Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


“Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ