Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 25:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho, ngokuba kukhona kwaphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Simakade, khumbula umusa wakho kithi, nesihawu sakho, ngokuba kukhona kwaphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Cabanga, Jehova, ngobubele bakho nomusa wakho; ngoba babesemandulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 25:6
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”


Wathi uJakobe: “Nkulunkulu kababa u-Abrahama, Nkulunkulu kababa u-Isaka, Jehova, wena owathi kimi: ‘Buyela ezweni lakho nasezihlotsheni zakho,’ ngikwenzele okuhle,


Jehova Nkulunkulu, ungafulatheli ogcotshiweyo wakho; khumbula umusa wakho kuDavide inceku yakho.”


Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.


nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele;


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.


Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.


Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.


Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


“Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo; ngamandla akho wabayisa endlini yakho engcwele.


UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu,


ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu,


Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,


Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,


Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ