Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 25:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama, inzalo yakhe iyakuzuza izwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Umphefumulo wakhe uyakuhlala ngokuthula; nenzalo yakhe iyakudla ifa lomhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 25:13
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.


Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.


Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.


Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.


Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.


Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.


Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.


Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.


Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.


Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”


Ukumesaba uJehova kungokokuphila; onakho uhlezi anelisiwe, akahanjelwa ngububi.


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”


UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.


“Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,


Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ