Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 18:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 18:15
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.


Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”


Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya, akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.


Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.


Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.


Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.


Imibani mayinyazime, ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.


Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.


Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.


Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi anqwabeleka; izifufula zema njengenqwaba, amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.


Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uma izulu lilinganiswa phezulu, nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi, khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo,” usho uJehova.


Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami.


Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.


UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.


USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ