Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 18:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 18:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.


UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.


Ungathuma imibani ukuba ihambe, isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Imibani mayinyazime, ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.


Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.


Izwi likaJehova liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.


Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.


Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma.


Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.


UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.


“UNkulunkulu wamkhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyakuqeda izizwe, izitha zakhe, aphule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.


“ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.


“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.


UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ