Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 17:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonisa umusa wakho omangalisayo, wena okhulula abathembela kuwe ngesandla sakho sokunene kulabo ababavukelayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 17:7
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Weyise bani, wathuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.


Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini oqinileyo.


Mina-ke ngithe ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.


Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.


“Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ