Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 16:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo; nasebusuku izinso zami ziyangiyala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ngiyakudumisa uSimakade ongelulekayo. Nasebusuku inhliziyo yami iyangiqondisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngizamdumisa uJehova onginike iseluleko; nezinso zami ziyangifundisa ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 16:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amehlo ami ayandulela imilindo yobusuku ukuba ngizindle ngezwi lakho.


Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.


Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.


Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami,


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.


Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.


INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.


Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ