Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 16:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova uyisabelo sefa lami nendebe yami; uyalonda isiphetho sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 16:5
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.


UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho.


Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


“Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela*


ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.


UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;


lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.


UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani, nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi; aninasabelo kuJehova;’ abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.


kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu, ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa, nangemihlatshelo yethu, nangeminikelo yethu yokuthula, ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: ‘Aninasabelo kuJehova.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ