Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 147:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 147:11
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.


Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”


Abanhliziyo ephambeneyo bayisinengiso kuJehova, kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ