Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 145:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo lokudumisa likaDavide.) Ngiyakukubonga, Nkulunkulu wami, nkosi; ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 145:1
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.


Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.


Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.


Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.


Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova, ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.


Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.


Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.


Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.


Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.


Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.


Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.


Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.


Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe,


Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.


Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.


Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.


UJehova uyakungisindisa; ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ