Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 143:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 143:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uma bona kuwe – ngokuba akukho muntu ongoniyo – bese wubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze,


Konje uvulela onjalo amehlo akho, ungingenise ekwahluleweni nawe, na?


Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.


ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.


kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.


Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ