Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 123:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Sihawukele, Simakade, sihawukele, ngokuba sesikhathele wukwedelelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Sihawukele, Jehova, sihawukele, ngokuba sidelelekile kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 123:3
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolo suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.


Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangishaya umfokazi; ngingowezizwe emehlweni abo.


Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba.


Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”


ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ