Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 122:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho ka-Israyeli ukuba idumise igama likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho zikhuphukela khona izizwe, izizwe zeNkosi, kube ngubufakazi bukaIsrayeli, ukudumisa ibizo leNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 122:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.


Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.


Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:


Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.


Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.


UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwe nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ