Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 119:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 119:9
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’


Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.


Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Emisebenzini yabantu ngiyazilinda, ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.


Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.


Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.


nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,


Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.


ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


“Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.


Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.


“Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi;


Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ